Ulahlwe ngelokudlwengula owakhipha ijazi kwenziwa ucansi

2017-10-23 14:00

Switzerland - Kube yicale elingajwalekile futhi ebelibhekwe ngabomvu lapho owesilisa, 47, ebekwe icala lokudlwengula ngemuva kokuvela ukuthi wakhipha ijazi lomkhwenyana ngaphandle kwemvume ngesikhathi enza ucansi nentombi.

Lo mlisa uthi wahlangana nalo wesimame enkundleni yezokuxhumana i-Tinder bazwana kangangokuba bavumelana ngokwenza ucansi.

Yize kungani inkantolo yaseLausanne ithi lo wesimame ubengeke avume ukwenza ucansi nalo wesilisa ukube ubazi ukuthi uzolikhipha ijazi lomkhwenyana bephakathi nenkonzo yasekamelweni.

OLUNYE UDABA: Ucwaningo: Isizathu esenza abantu besilisa bathenge ucansi kubaqwayizi

Ngokubika kwe-Blode.com, lo mlisa ugwetshwe izinyanga ezingu-12 ebhadla ejele kodwa zalengiswa, uma engeke atholakale enze isenzo esifanayo.

Icala elifana naleli lingelokuqala ezweni laseSwitzerland kanti abezinhlangano ezimele amalungelo abesimame bakuncome kakhulu ukuqulwa kwaleli cala nokubonisa ukuqiniswa kwemithetho evikela abesifazane.

Kwake kwavela imibiko ngaphambilini eveza ukuthi uyanda lo mkhuba wokuthi abantu besilisa bakhiphe amakhondomu kusasha inkonzo yasekamelweni ekubeni besuke bengavumelananga nalabo abazitika nabo ngokocansi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.