Ulahlwe yicala lokubulala i-ex ngoba isishade nenye indoda

2017-02-03 11:36

Princeton – Ulahlwe yicala owesilisa waseWest Virginia owagwaza wabulala owayengumkakhe amahlandla angu-86 ngemuva kwahora ambalwa eshade nenye indoda.

I-WVVA-TV ibike ukuthi amajaji aseMercer County amthole enecala lokubulala uWilliam Jessie Seal, 34, wasePrinceton ngoLwesithathu ngesehlakalo sangoJuni 2015 okwabulawa kusona u-Ashley Seal, 26.

U-Ashley Seal wabulawa endlini yakhe owayeyengumyeni wakhe ngemuva kwamahora ambalwa eseshade okwesibili nomunye umuntu.

OLUNYE UDABA: Kugwazwe uthisha nabafundi esikoleni

Amalungu omndeni athi wayeyolanda ezinye zezimpahla zakhe ezazisale khona ngesikhathi ebulawa.

Ummeli kaWilliam Seal watshela inkantolo ukuthi owesifazane uyena owahlasela ikhasimende lakhe ngommese, nokwenza ikhasimende laphindisela ngoba lizivikela.

Amajaji kuwathathe isikhathi esingaphansi kwehora ukukhipha isinqumo.

UWilliam Seal angase agwetshwe iminyaka ephakathi kweyishumi kuya kwengu-40 ebhadla ejele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.