Kimberley – Umlisa oneminyaka
engu-22 ubudala, uMlungisi Memane, ulahlwe yicala lokubulala nelokuzama
ukubulala kulandela isigameko sokubulawa komngani wakhe, uGopolang Mmokwa, nesokulimaza
omunye futhi umngani wakhe, uLebogang Hopton, kubangwa isinkwa.
Isehlakalo senzeka
ngoJanuwari 29 eGaleshewe ngesikhathi laba bangani bephuza ngaphansi
kwesihlahla.
Ngokobufakazi, uHopton noMmokwa
baya kubo kaMmokwa, batshela uMemane ukuba akasale ngaphansi kwesihlahla lapho
ebebephuza khona.
UMemane kuthiwa wanqaba
ukusala wabalandela.
Kwaqubuka ingxabano phakathi
kukaMemane noMmokwa ngesikhathi emtshela ukuthi isinkwa ngeke sibanele bobabili.
UHopton wayekwelinye
igumbi ehleli nentombi yakhe ekhulelwe, engudadewabo kamufi,
UHopton wazama ukuxazulula
ngesikhathi ezwa ingxabano.
Funda nalolu daba: Kudutshulwe kwabulawa ilungu lePhalamende
UMemane wabesebambana
ngezihluthu noHopton, bazebaphumela nasemgwaqeni.
UMemane wagijima waya endlini
eyolanda ummese kodwa wamiswa ngunina.
Hopton waya lapho
bebehleli khona ngaphansi kwesihlahla, uMemane wabuyela endlini wathatha omunye
ummese.
UMemane wafika ngaphansi
kwesihlahla wagwaza uHopton, wagwazeka
esihlakaleni nasohlangothini.
UMmokwa wafika egijima
ezolamula kodwa wagwazwa emqaleni.
UMmokwa wazama
ukubaleka, uMemane wamkheqa wamgwaza esifubeni, washonela khona lapho, kubika iDiamond Fields Advertiser.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).