Ulahlwe yicala owesifazane owabulala, wanquma isaguga

2018-03-06 14:02

Cape Town – Owesifazane osemusha owazivumela ngokwakhe ukuthi wanquma isaguga, ulahlwe yicala yiNkantolo eNkulu eWestern Cape ngoMsombuluko.

USheree Prince, 22, waseCitrusdal, ubebonakala ethukile kungathi akaphilile kahle enkantolo ngesikhathi uMehluleli Bruce Langa ekhipha isinqumo.

UPrince usolwa ngokugqekeza emzini kaSandra Malcolm, 74, eCapri Mews, eLakeside, ngo-Ephreli 2015, wamnquma.

Uphinde walahlwa amacala amabili ngokugqekeza nangokweba.

OLUNYE UDABA: Livelile enkantolo iphoyisa elisolwa ngokuzama ukuthumba

Ngo-Ephreli 14, 2015, uPrince wagqekeza emzini wesisulu, weba impahla engabiza u-R18 000.

Kuthiwa umsolwa wagwaza umufi amanxeba angu-24.

Umsolwa akagcinanga lapho, kodwa waphinde wanquma isisulu ikhanda kanye namanye amalunga omzimba.

Icala lihlehliselwe u-Epreli 19.

- Daily Voice

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.