Ulahlwe yicala umshayeli wemoto eyashayisa yabulala ababili

2018-04-06 18:00

eThekwini - U-Omesh Ramnarain ulahlwe yicala lokubulala ngokungenhloso ngengozi eyadlula meniphefumulo yababili abebehamba ngamabhayisikili.

Lengozi yenzeka ku-M4 ngaseThekwini ngoFebhuwari 2016.

Lo mlisa okunguyena owayeshayela imoto eyashayisa laba bobabili uzogwetshwa ngenyanga ezayo, kanti iMantshi yeNkantolo yesiFunda eThekwini u-Anand Maharaj uyelulile ibheyili ka-R10 000 eyakhokhwa wumsolwa.

Ubeke imigomo yokuthi kumele anikele ngezincwadi zakhe zokushayela ngemuva kokukhishwa kwesinqumo sokutholakala enecala.

OLUNYE UDABA: Kushone 4 wabantu kusha umjondolo eGoli

Kuthiwa uRamnarain wayesuka ekilabhini ngo-05:00 ekuseni ehamba ngesivinini esiphezulu ngesikhathi eshayisa uJarred Dwyer noRichard da Silva, abebehamba ngamabhayisikili.

UMbuso uveze ukuthi lo mlisa wayephuze amanzi amponjwana nesikhathi kwenzeka le ngozi, yize yena ethi wayephuze ama-Hunters Gold amane nje vo ngalobo busuku ngakho-ke wayengadakiwe ngesikhathi eseshayela.

Ofakazi abambalwa batshela inkantolo ukuthi umsolwa wayenuka phu utshwala ngemuva kwale ngozi kanti ngesikhathi kuhlolwa igazi lakhe ngemuva kwamahora amabili kwenzeka le ngozi kwatholakala ukuthi wayenotshwala obuningi kakhulu egazini.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.