Ulale ebaliwe owesifazane otholwe namasaka ensangu

2016-12-21 19:27

Pietermaritzburg - Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela emzini wakhe owesifazane wase-Ashdown otholwe namasaka omthunzi wezinkukhu angabiza imali engu-R19 000 ngentengo yasemgwaqeni ngeSonto ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe.

Ngokwaloyo okhulumela amaphoyisa asesiteshini sasePlessislaer uCpatain Musa Ntombela uthe, amaphoyisa alwisana nobugebengu ancinzwe indelebe ngokushushumbiswa kwezidakamizwa endaweni yase-Ashdown.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ababili kutholakala insangu engaziba u-R6m

"Amaphoyisa afike angena emzini okule ndawo walo wesifazane, 32, awusesha ahlangabezana namasaka ensangu emali engu-R19 000.

"Lo wesifazane ube eseboshwa kanti ulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yasePietermaritzburg ngelokutholakala nezidakamizwa," kusho uNtombela.

 - EyethuNews

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.