Ulaxaze isicelo sebheyili osolwa ngokuphoqa isisebenzi ukuba silale nezinja

2017-11-02 16:00

Johannesburg – Kusuke umsindo ngaphandle kweNkantolo kaMantshi eBronkhorstspruit ngaphambi kokuvela kowesilisa oneminyaka engu-45 ubudala osolwa ngokudlwengula umsizi wakwakhe ngaphambi kokuba amphoqe ukuba alale nezinja zakhe.

I-ANC Women's League, iDA Women Network ne-EFF bebengaphandle kwenkantolo bezokweseka owesifazane, obesenkantolo ezifihle ubuso.

Iningi lababhikishi ebebediniwe lichithe imigqomo kadoti emigwaqeni, libhikisha.

Umsolwa uyalele ummeli wakhe u-Ehleketani Maluleke ukuba ahoxise isicelo sebheyili ngoba akasakhululekile kahle.

Kuzwakale ukuqhuma okukholakala ukuthi bekungama-grenade ngaphandle kwenkantolo, ngesikhathi amasango esevaliwe ngonogada begwema ukugxobana.

Kutshalwe amaphoyisa ukuba agcine ukuthula, aqinisekise ukuphepha kwabo bonke abantu endaweni.

OLUNYE UDABA: Kuthelwe ngendle izindawo zokufundela enyuvesi

Amalungu e-EFF abonakale eshisa ifulegi elidala laseNingizimu Afrika ngaphandle kwenkantolo njengoba esola ukuthi lesi sigameko sihlobene nokucwasa ngokobuhlanga.

I-SPCA eTshwane itshele iPretoria News ukuthi isizithathile izinja emzini womsolwa. Emzini wakhe kuthiwa kunezinja ezingu-9.

UMshushisi uTiisetso Leballo ucele ukuba icala lihlehliselwe umhlaka-5 Febhuwari njengoba kusalindwe imiphumela yolibofuzo.

UMantshi u-Ignatius du Preez utshele umsolwa ukuthi angase athole udilikajele uma elahlwa yicala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.