Ulaxaze umsebenzi wazama nokuzibulala oneziqu zomgunyathi

2017-02-28 07:01

Durban – Liphuze inqwaba yamaphilisi lizama ukuzibulala iphoyisa lomgwaqo ebelisebenza kuMasipala waseMsunduzi, eMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu-Natal.

Leli phoyisa kuthiwa libanjwe ngabaphathi balo ukuthi linesitifiketi sikamatikuletsheni esiwumgunyathi.

ILANGA libike kabanzi emasontweni edlule ngodaba lukaNalenhle Thabi Sabela, obeyiphoyisa lomgwaqo okuvele ukuthi uphuthunyiswe esibhedlela ebanjwe yingcindezi ngemuva kokuvela kwamahlazo okuthi unomatikuletsheni owumgunyathi.

Imithombo yeLANGA engashayi eceleni – engaphakathi emaphoyiseni iveze ukuthi ngemuva kokuhluleka ukuzama ukuzibulala, unqume ukufaka incwadi ephuthumayo yokwesula emsebenzini.

USabela ulahlwe ngelakubo ngesikhathi ezama inhlanhla yokuba anyuselwe kwelinye izinga ngokomsebenzi awenzayo njengoba bekuvele izikhala.

OLUNYE UDABA: Baningi abake bacabange ukuzibulala

Imithombo ithi ngemuva kokubanjwa, ecishe washayeka phansi wahlaselwa wukugula okugcine ngokuthi aphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yengcindezi.

Lesi sitifiketi useithenge kuthisha thizeni ngakubo eBulwer, maphakathi neKwaZulu-Natal ngoba enenkinga yokuthi akawuphasanga umatikuletsheni – kanti bekuphume izikhala zemisebenzi edinga abantu abanomatikuletsheni emaphoyiseni.

Indaba kaSabela ibikhulunyelwa phansi emaphaseji lapho abesebenza khona ngoba bonke ozakwabo bebazi ukuthi ufake isicelo sokunyukela kwenye irenki.

ILANGA likhulume namalunga omndeni wakhe zwakalise ukudumala ngesinqumo sendodakazi yawo sokuzama ukuzibulala nokulaxaza umsebenzi ngoba ingafuni ukuveza igama likathisha oyidayisele lesi sitifiketi.

Athi ngemuva kokuba esephumile esibhedlela, abe nomhlangano naye amncenga ukuba aveze lo thisha ukuze ezobhekana nengalo yomthetho.

Imizamo yokuthola uSabela kayiphumelelanga kanjalo neyokuthola iMeya yaseMsunduzi, uThemba Njilo, ukuba aphawule iphunzile njengoba ucingo lwayo belukhala lungabanjwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.