Ulaxazwe yimenenja uBabes Wodumo

2016-11-06 11:02

Durban - Kushayisana imibiko ngokuholele ekugqabukeni kwegoda phakathi kwesilomo somculi esishisa izikhotha kulezi zinsuku nowesilisa obeyimenenja yaso.

Nakuba kungacaci kahle okuyikhonakhona okwehlukanise uBabes Wodumo, igama lakhe langempela okunguBongekile Simelane, oqopha ngaphansi kwenkampani kaMampintsha iWest Ink, nobeyimenenja yakhe uSanele Victor Dlokolo, kodwa ILANGA LangeSonto lihabule ukuthi ubudlelwano babo abuphelanga neze kahle.

Phakathi kwezinto ezibalwa yimithombo eyahlukene, okuthiwa zibe yimbangela yokugqabuka kwegoda wukuthi uDlokolo ubengasakwazi ukwenza umsebenzi wakhe ngokukhululeka. Kuthiwa ubengasakwazi ngisho nokuthatha izinqumo ngokuqashwa kukaBabes Wodumo, njengemenja yakhe, futhi kwesinye isikhathi ubengakwazi ukumthola ocingweni uma kumele ayokwenza ama-interview ezindaweni ezithile.

"USanele ubethwele kanzima ngempela. Bekungelula ukusebenzisana noBabes noMampintsha njengoba bobabili bebemane bavale izingcingo ngaphandle kokumazisa. Uma ehlele i-interview nomsakazo noma nephephandaba (thizeni) ubebuye angakwazi ukubathola.

"Angisakubali okokuqashwa - bekumele aqale abuze kubona ngaphambi kokuvuma kulabo abasuke beqasha uBabes, uma engabatholi bekubanzima ngempela kuyena," kusho umthombo osondelene noDlokolo.

OLUNYE UDABA: ‘Asinankinga nendlela uBabes Wodumo adansa, nagqoka ngayo’

Kubikwa ukuthi amanye ama-interview abesuke uDlokolo ewahlelele uBabes kwezinye izindawo abebhuntsha ngenxa yokungafiki kwakhe uBabes.

Kuzokhumbuleka ukuthi kunesikhathi lapho uBabes ebelindelwe khona oKhozini FM, ohlelweni lukaSgqemeza ekuseni kodwa kwagcina engafikanga kwaze kwafonelwa yena uDlokolo, wafakwa emoyeni ukuze achaze.

Ngaleso sikhathi uDlokolo utheleke ngehlazo uSgqemeza embuza ukuthi kanti uyimenenja enjani engalazi i-artist ukuthi likuphi. Kuso leso sidididi, bekubonakala ezinkundleni zokuxhumana uBabes noMampintsha beveza ukuthi basejimini, bayazivocavoca. 

Omunye umthombo udalule ukuthi okunye okucasule uDlokolo yindaba yomholo wakhe. 

"Ngesikhathi eqala ukusebenza noBabes babevumelene ngokuthi uzothola imali engango-R10 000 ngenyanga, nokuthe ngokuhamba kwesikhathi esebona eqashwa kakhulu wafuna ukwenyuselwa le mali. Kube nokungavumelani, wabe eseqoka ukushiya phansi," kulanda omunye umthombo.

Omunye umthombo upotshozele leli phephandaba ukuthi nguMampintsha oxoshe uDlokolo ngoba bengezwani ngeyomholo.

UDlokolo ethintwa ukuqinisekisile ukuthi akasasebenzisani noBabes ne-West Ink. Akafunanga ukwanda ngenkulomo mayelana nembangela yokwehlukana kwabo, futhi ubengafuni nokuba lushicilelwe lolu daba. "Akukho engizimisele ukukusho ngalolu daba ngaphandle kokuthi akusekho okungihlanganisa noBabes neWest Ink," kusho uDlokolo ezwakala ukuthi akamnandi neze emoyeni.

ILANGA LangeSonto lizame kaningi ukuthola uMampintsha noBabes kodwa izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa. Leli phephandaba lithole ukuthi baseCape Town njengoba izolo bebenandisa emcimbini obizwa ngeWololo Cape Town.

Leli phephandaba futhi alikwazanga ukuthola ukuthi njengoba eseshiyile nje uDlokolo, ngubani imenenja entsha kaBabes.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.