ULekgwathi ufuna kunikwe uBenni owokuqeqesha iPirates

2017-01-30 14:30

Cape Town – Inkakha ye-Orlando Pirates neyayingukaputeni kuleli qembu, uLucky Lekgwathi, ikholwa ukuthi le kilabhu kumele inikeze lowo owayengumgadli weBafana Bafana osathatha umhlalaphansi, uBenni McCarthy, ithuba lokuqeqesha amaBhakabhaka.

Muva nje uMcCarthy ubelokhu eyamaniswa nalo msebenzi wokuqeqesha lezi zinkunzi zaseSoweto kanti eminye imibiko iqagula ukuthi lo mgadli owayedlalela iBucs usefakwe ngisho ohlwini olufinyeziwe lwabantu okuzokhethwa kubo umqeqeshi wePirates.

OLUNYE UDABA: UBenni uthi uyawufuna owokuqeqesha iPirates

Kusukela athatha umhlalaphansi ebholeni ngonyaka ka-2013, uBenni, 39, usethole izimvume zokuqeqesha kanti useke wachitha isikhathi esebenza njengomsizi kamqeqeshi eqenjini eligijima kuBelgium Pro League, iSint-Truiden, ngaphansi komqeqeshi, uChris O'Loughlin.

Ngenxa yalokhu, uLekgwathi ukholwa ukuthi amava kaBenni njengomdlali kanye nomuntu ongase abe ngumqeqeshi kufanele anele ukuthi athathe izintambo eMayfair.

“Ngiyazi ukuthi abantu bazothi cha akanaso isipiliyoni sokuqeqesha, noma yini. Kumina, ngokwesipiliyoni, yebo. Ngasebenza noBenni, ungumholi futhi okunye, ungumqeqeshi,” utshele iSoccer Laduma.

“Ngasebenza naye kuBafana Bafana, lapho ayejweyele ukusiza umqeqeshi, ngisho nakuPirates, wayejwayele ukusiza umqeqeshi ngeqembu, hhayi ngokuhlelwa kwabadlali, kodwa ngokuhlaziya umdlalo. Uyakwazi ukuthi uhlaziywa kanjani umdlalo, ngakho ngicabanga ukuthi ngokwami angaba yindoda efanele.

“Akanikwe ithuba, ngicabanga ukuthi ngesipiliyoni sakhe, iPirates ingenza kahle. Wonke umuntu uyamuhlonipha uBenni, ngisho nababengozakwethu, bonke bayamhlonipha uBenni, ngisho nami. Ngangajwayele ukumhlonipha yize noma ngangiwukaputeni.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.