ULeleti Khumalo umemezele ukuthi uyashiya kuZalo

2017-10-26 18:05

Cape Town – ULeleti Khumalo noSihle Ndaba bobabili bayashiya emdlalweni ongaconsi phansi kwabaningi eNingizimu Afrika, uZalo, uma sekuqala isizini yesine yalo mdlalo ngoFebhuwari.

Lo mlingisi osemnkantshubomvu, odlala indawo kaZandile MaNzuza Mdletshe ongunkosikazi kamfundisi kulo mdlalo, uthe lesi yisikhathi sokuthi athole uguquko empilweni, kepha uNdaba odlala indawo kaSimangele, akazange atholakale ukuba aphawule.

Bobabili la balingisi bazovela eziqeshini eziyisithupha zesizini ezoqala, kanti bazogcina ukuqopha ngomhlaka-15 Disemba nonyaka.

Lo mdlalo othandwa kakhulu okhonjiswa ku-SABC 1 phakathi nezinsuku ngo-20:30 uhamba phambili ngababukeli eNingizimu Afrika, njengoba ubukelwe ngabantu abangu-9.23 million ngoSepthemba.

Lokhu kusho ukuthi nezingxoxo zezinkontileka phakathi kwabaphathi nabalingisi ziba lukhuni, njengoba abalingisi benenkolelo yokuthi kumele bakhokhelwe ngendlela efanayo naleyo abangenisa ngayo imali.

OLUNYE UDABA: Ujoyina uZalo umlingisi wodumo

Akucaci ukuthi yini eholele ekushiyeni kwala balingisi njengoba kuke kwaba namahlebezi okuthi izingxoxo ngezinkontileka zifinyelele kwangqingetshe.

"Ngibonga ngiyanconcoza ngethuba engilitholile futhi uZalo lunginikeze ithuba lokwakha ubudlelwano nababukeli kanye nabalandeli bami abebelokhu bengeseka kusukela ngaqala ukungena kwezikaqedisizungu," kusho uKhumalo esitatimendeni.

"Yize lesi kungabanga yisinqumo esilula, sekuyisikhathi sokuthi ngiqhubekele phambili nempilo ngibone ukuthi ikusasa lingiphatheleni ngiphinde ngizikhulise nami ngokomsebenzi."

IStained Glass TV, okuyiyo ephrojusa lo mdlalo, ithe izoqhubeka nokuphakela ababukeli iziqephu zomdlalo ezihlabahlosile kanti futhi kunabalingisi abasha abazofika.

"ULeleti noSihle badlale indima enkulu kuZalo; bayohlale beyingxenye yalo mndeni," kusho uPepsi Pokane ongomunye wabanikazi bale nkampani.

"Bekumnandi ukusebenzisana nabo kanye ne-SABC bathola nethuba lokubonakalisa ithalente labo."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.