Ulengela eweni umshado wosaziwayo

2016-07-04 14:31

Johannesburg - Osaziwayo ababili, uMandla Ngcongwane noTumi Masemola, baqala bajola besangamalungu eqembu lomculo bagcina sebeshadile kodwa manje kunezinsolo zokuthi umshado wazo ulengela eweni.

Imithombo yephephandaba iSunday Sun ithi uTumi useke wabonakala kaningi engayifakile indandatho.

"NgoLwesithathu wanandisa ohlelweni lomculo i-afro Cafe ku-SABC 2 engayigqokile indandatho," kusho lo mthombo.

Omunyre umthombo wathi umshado wabo usulengela ewni.

OLUNYE UDABA: UHlaudi ufuna kufakwe uSomizi noKhanyi Mbau ku-Metro FM

Lo mthombo ythe izinkinga zaqala ngesikhathi uTumi eseqala ukuzenzela umsebenzi wakhe eyedwa.

Kodwa uTumi uthi uyaqala ukukuzwa konke lokhu: "Hah! indandatho bengingayigqoki ngenxa yokuncipha emzimbeni. Sashada umshado wesintu, sikahle sobabili, ngikahle naye ukahle."

Yomibili imthombo ithi imbangela yokungahambi kahle komshado kaTumi ngamahora amade awasebenzayo njengoba eseqopha i-album.

Umthombo wesibili uthe uTumi useke wabonakala nowesilisa waseNigeria ongaziwa esitebeleni sokuqopha umculo eGoli.

"Le ndoda yaseNigeria yathi uTumi uyintombi yakhe," kudho umthombo waphinde wathi noMandla naye useke wabonakala ehamba nowesifazane.

Omunye umthombo uthe: "UMandla sesike samubona etyhokomele nabanye abantu besifazane kodwa asinaso isiqiniseko sokuba ujola nabo yini.

UTumi useyishiyile iGang of Intrumental njengoba esefuna ukuzicelela yedwa.

UMandla akatholakalanga ephawula.


“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.