Ulengiselwe isigwebo umama waseMpumalanga ngokushaya usana lwakhe

2017-01-21 08:46

Mbombela - INkantolo yesiFuunda yaseNelspruit igwebe umama osemncane iminyaka emine ebhadle ejele ngokushaya ngesicathulo ingane yakhe yomfana enezinyanga ezingu-18 izelwe.

IMantshi uVanessa Joubert ekhipha isigwebo ngoLwesithathu ulengisele lo mama oneminyaka engu-21 ubudala isigwebo sakhe iminyaka emihlanu wathi kufanele aqhubeke nokululekwa ngokwenqondo esibhedlea iRob Ferreira.

Ubebhekene neminyaka eyishumi ejele njengomuntu oqalayo ukutholakala enecala ngokushaya ngenhloso yokulimaza ingane, kusho uJoubert.

OLUNYE UDABA: Uyavela osolwa ngokubulala usana lwakhe

Igama lalo wesifazane waseTekwane South eduzane naseMbombela eMpumalanga angeke lidalulwe njengoba kuvikelwa ingane. Usasesikoleni wenza uGrade 10 kanti futhi unenye ingane eneminyaka emibili. Waboshwa ngomhlaka-21 Meyi 2016 ngesikhathi ugogo wengane emuvulela icala emaphoyiseni.

Ulivumile icala lokushaya ngoLwesithathu.

"Ngiyaxolisa ngengakwenza enganeni yami. Ngangithukuthelele uyise wayo kanti futhi ngiyazisola. Ngiyayithanda ingane yami, ngicela uxolo, angeke ngiphinde mngilimaze ingane yami," kusho lo mama esitatimendeni.

UJoubert uthe inkantolo yenelisekile ngokuthi ulivumile icala waphinde watshengisa nokuzisola.

Imantshi iphinde yathi akayeke ukukhiphela isibhongo sakhe enganeni wathi izingane kufanele zikhuliswe ngendlela ekahle, enothando futhi zikhuliswe emndenini enobumbano.

UJoubert ujatshuliswe wukuthi umsolwa nobaba wengane sebebuyisene nokuthi uyise useyayondla ingane.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.