Ulengiswe kubuka nomphakathi olahlwe elokudlwengula nokubulala ingane

2017-09-21 07:00

Tehran - Owesilisa ulengiswe phambi kwequlu labantu ebelihlokoma yinjabulo e-Iran ngoLwesithathu ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula nokubulala ingane yentombazane eneminyaka engu-7 ubudala.

Lokhu kubulawa kuza ngemuva kokuthola isigwebo sentambo kuka-Esmail Jafarzadeh, 42, kanti kubonakala ngemuva kokusabalala kwe-video ebonakale nakwi-website yomsakazeli womphakathi.

UJafarzadeh ulengiswe ezintatha edolobheni elincane elisenyakatho-ntshonalanga neParsabad, esifundazweni i-Ardebil.

Ukulengiswa kwakhe kwenziwe esidlangalaleni ngenxa "yokuqinisekisa izakhamuzi ukuthi ziphephile futhi ziphinde zikhulule izingqondo ebezikhungathekile"," kusho umshushisi wase-Ardebil, uNaser Atabati, etshela izintatheli.

OLUNYE UDABA: Ulengisiwe owadlwengula inqwaba yabesifazane

Intombazanyana eneminyaka eyisikhombisa ubudala, ogama layo ngu-Atena Aslani, yaduka ngomhlaka-19 Juni isuka kubaba wayo odayisa emgwaqeni, nokwadala inhlokomo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi isifunwa.

Abashushisi bathi uJafarzadeh, owayevele engumsolwa oqavile kuleli cala, wazivumela ngokwakhe ukudlwengula nokubulala le ngane ngemuva nje kancane kokuthi isidumbu sayo sitholwe ngamaphoyisa egalaji elisemzini wakhe.

UMengamei Hassan Rouhani wachaza lesi sehlakalo njengesiyichilo wathi umthetho kumele udlale indawo yawo.

Kwathatha isikhathi esingaphansi kwesonto ukuthola uJafarzadeh enecala kanti ube esegwetshwa isigwebo sentambo ngomhlaka-11 Septhemba.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.