ULesufi uxwayise othisha 'abangamabhoklolo' eKlipspruit

2017-09-26 18:01

eGoli - Amaphoyisa asiqaphe ngelokhozi isimo esikoleni samabanga aphakeme iKlipspruit West Secondary School.

Lokhu kulandela imibiko emisha yokusabisana nokungabekezelelani okuqhubeka kulesi sikole.

UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi ukhiphe umyalelo wokuthi ukufunda nokufundisa kuzoqala kabusha ngoLwesibili kulandela umhlangano namalungu omphakathi.

Lesi sikole sesibe nezigameko eziningi eziphazamisa ukufunda kulo nyaka, esinye sazo saba ngesomphakathi owawushaya phansi ngonyawo uthi awumfuni uthishanhloko webala elimnyama.

OLUNYE UDABA:UMnyango wezeMfundo eGauteng uyaxolisa kothisha abangakaholelwa

ULesufi uthi kumele alusukumele udaba lothisha abangafuni ukulandela isivumelwano sokuqeda ukusabisana baqale bafundise.

“Asinakho ukuzikhethela kodwa kumele silusukumele lolu daba. Sifuna ukuthola isixazululo sale nkinga, ngoba ngeke sikwazi ukuqhubeka ngale ndlela. Sinxusa othisa ukuba basamukele isiphakamiso esibekwe etafuleni njengamanje,” kusho uLesufi.

Abazali bathi ezinye zezinkinga ezikhona kulesi sikole ukucwaswa kwabafundi ngokwebala okusolakala ukuthi kwenziwa ngothisha.

Buka nansi i-video ngezansi:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.