Ulibofuzo lumyamanise nezigameko ezingu-15 umdlwenguli waseLimpopo

2018-04-26 09:35

INkantolo eNkulu yaseLimpopo ilalele ukuthi amasampula olibofuzo athathwa ezisulwini asiza kanjani ekushushiseni indoda okwakusolakala ukuthi ingumalugaju obesehlalise lubhojozi abesifazane iminyaka emine.

Umshushisi uSamuel Ngobeni utshele inkantolo ngoLwesithathu ukuthi uDavid Mamvura uyamaniswa namacala angu-15 okudlwengula, ngokolibofuzo.

NgoLwesithathu, uNgobeni uthe munye kuphela ummangali owakwazi ukubona umsolwa ngesikhathi emdlwengula, kwathi abanye batshela inkantolo ukuthi kabazange bambone ebusweni.

Lokho, nokho, kakuchazi ukuthi uMamvura akazange abadlwengule, esho.

OLUNYE UDABA: Kugwetshwe isangoma ngelokudlwengula

UNgobeni uphinde waveza ukuthi abamangali batshela amaphoyisa ukuthi badlwengulwa baphinde bagetshengwa ngumuntu wesilisa “ongaziwa” ngoba bengazange bambone ukuthi unjani ebusweni.

Lokhu kungemuva kokuthi uMamvura azama ukuzihlangula ezigamekweni zokudlwengula ezenzeka phakathi kuka-2012 no-2017 ePolokwane.

UMamvura wawaphika amacala waphika nokuthi wagqekeza imizi yabantu ngenhloso yokubadlwengula. Utshele inkantolo ukuthi akazi ukuthi ulibofuzo lwakhe lwatholakala kanjani ezisulwini.

UNgobeni uthe imiphumela yolibofuzo yiyo eyayamanisa uMamvura nala macala abucayi abekwe wona. Ubhekene namanye amacala okudlwengula nokugqekeza.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.