Ulimale kabi owesimame odephunwe yizinja ePMB

2017-09-08 07:01

 Pietermaritzburg - Owesimame usesimweni esibucayi ngemuva kokuhlaselwa yizinja ezimbili esenyuvesi eMgungundlovu.

Abe-ER24 babizelwe endaweni yesigameko ngesikhathi bedlula kule ndawo kugcwele amalungu omphakathi ngaphandle kwale nyuvesi.

Lo wesimame ufike wahlolwa kwatholakala ukuthi ulimale kabi emilenzeni, ezingalweni, entanyeni kanye nasekhanda.

Ulashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswe esibhedlela.

Abakwa-SPCA babizelwe kule ndawo ukuba bazozithatha lezi zilwane.

OLUNYE UDABA:Isihluku ubaba nendodana beshisa izinja zakamakhelwane

Kwesinye isigameko, ngoLwesithathu ekuseni, abe-Netcare 911 babizelwe endaweni yaseMagaliesburg ngemuva kokuthola umbiko ngowesifazane olimele.

Ngesikhathi befika kule ndawo ngo-09:13, bathole isisulu silimele kabi ngemuva kokuwa sigibele ihhashi.

Lo wesifazane oneminyaka engu-63 ubudala ubenamanxeba ambalwa okulimala. Unikezwe amaphilisi okudambisa izinhlungu ngaphambi kokunikezwa usizo lokuqala olukhethekile wabe esephuthunyiswa esibhedlela, kubika i-Accidents.co.za.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.