Ulimalile owesilisa oweqiwe yizinkamba zikaFaro wagxumela echibini elinezingwenya

2018-04-06 18:00

Owesilisa obehambele umshado weqiwe yizinkamba zikaFaro wagxumela echibini elinezingwenya eZimbabwe, wanqamuka ingalo.

Ngokombiko weZimbabwe Chronicle, uCollin Miller, 21, ukwazile ukusindisa impilo yakhe ngesikhathi izingwenya ezintathu zimdedela zase zibangisana ngengalo yakhe.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesine olwedlule ngesikhathi laba betheleka eRiver Brewing Company, eVictoria Falls.

UMiller, odabuka eZambia, kubikwa ukuthi ukhumule isikibha wabe esegxumela kuleli chibi elihlala izingwenya.

Izingwenya ezintathu zibe seziyamnqaka, enye yamshumpula ingalo ngesikhathi enye imgxavune ekhanda ngamazinyo.

OLUNYE UDABA: Kusolwa ingwenya 'ngokushona' kwesalukazi esiphazamisekile ngokomqondo

Kuthe lezi zingwenya zisabanga ingalo kaMiller, abantu ababili bakwazi ukumdonsela ngaphandle, wasinda kanjalo.

Kubikwa ukuthi usesimeni esigculisayo esibhedlela, kanti umshado uqhubekile ngaphandle kwakhe.

IRiver Brewing Company ithe lesi sivakashi "sigxumele kuleli chibi elihlala izingwenya ngamabomu. Sibeke impilo yaso engozini ngamabomu sabe sesihlengwa ngamadoda amabili anesibindi, okubalwa nesisebenzi saseCrocodile Cage Diving Company".

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.