Ulimele oshokhwe ugesi wase ewa esuka esikafuleni

2016-07-13 19:01

Johannesburg – Uwe esuka phezulu esikafuleni walimala owesilisa eFourways, eGauteng, kulandela ukushokhwa ugesi esaqhuba umsebenzi, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak uthe le ndoda iwe indawo engu-4 wamamitha ubude, kanti ibikhala ngobuhlungu bomgogodla nesilonda sokusha.

OLUNYE UDABA: Uhlonziwe owashona ekhonsathini

"Kukholakala ukuthi le ndoda ibisebenza kulesi sikafula ngesikhathi ishokheka yase iwela phezulu kwezikhwama zikasimende,” kusho uVermaak.

Le ndoda ibe isiphuthunyiswa esibhedlela.

UVermaak uqhube ngokuthi enye indoda ebisebenza nale elimele, nayo ishokhwe ugesi izama ukusindisa uzakwabo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.