ULundi usebenzise ithalente ukuqhuba umzabalazo – EFF

2017-01-29 08:16

Johannesburg – Iqembu i-Ecomomic Freedom Fighters selisichaze uLundi Tyamara njengomculi obesebenzisa ithalente lakhe ukuqhuba umzabalazo nokuvuselela umoya wabantu.

UTyamara udlule emhlabeni eneminyaka engu-38 ubudala kulandela ukuxinwa yi-TB yesisu kanye nezinkinga zesibindi.

Inkonzo yesikhumbuzo yalo mculi izobanjelwa eGrace Bible Church, eSoweto, ngoLwesibili.

Iqembu lithi ngesikhathi osaziwayo abaningi begxekwa futhi bekhishwa inyumbazane ngokuzimatanisa ne-EFF, uTyamara akazange alihlubuke iqembu ngoba wayekholelwa emigomweni yalo.

OLUNYE UDABA: Kusenzima emndenini kaLundi ukwamukela isimo - Umbiko

Okhulumela iqembu uMbuyiseni Ndlozi uthi beyiqembu bakhalisana kakhulu nomndeni nabangani balesi sihlabani somculo wokholo.

“Sithanda ukusho ukuthi ne-EFF ilahlekelwe kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaLundi ngoba ube ngomunye wabaculi abahlale nathi yize bethola ukugxekwa.

“Sithi dudu emndenini, sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.