Johannesburg - Umndeni kaLundi Tyamara uyshaqekile
ngemuva kwezindaba zokudlula emhlabeni kwalesi sihlabani somculo we-gospel ekuseni
ngoLwesithathu.
Bekubanjwe
umkhuleko eCentral Methodist Church eGoli izolo ebusuku kanti abangani balesi
sihlabani batshele iTshisaLIVE ukuthi nakuba isimo sikaLundi besibucayi
kakhulu, bebekholelwa emandleni omkhuleko.
"Sithole
ucingo ngemuva kwehora lokuqala ekuseni. Sonke sishaqekile. Besingakulindele
lokhu. Umndeni ubuhlungu kakhulu,” kusho imenenja yakhe u-Anele Hlazo.
Lo mculi
selokhu waqala ukungena esibhedlela ngoDisemba ngemuva kokuba kutholakale ukuthi
unesifo se-TB esiswini kanye nezinkinga zesibindi.
OLUNYE UDABA: Umndeni kaLundi ucela ukuba athandazelwe
Isimo
sakhe sibebucayi kakhulu ngoMsombuluko, waze wangeniswa egunjini labagula kakhulu
esephefumula ngemishini.
Nakuba
bekunjalo, abangani bakhe bebenethemba lokuthi uzosinda.
"Sishaqekile.
Ubengumuntu olwayo. Ulwile futhi besicabanga ukuthi uzonqoba,” kusho umthombo.