‘Uma kwenzeka ngibulawa, ningibuze endodaneni yami’

2017-10-27 14:00

Polokwane - Usomabhizinisi waseLimpopo, uMahejeen Patel, owadutshulwa wabulawa ngoSepthemba, kuthiwa wazixwayisa izihlobo zakhe ngokuthi indodana yakhe ingase imsoconge.

Lokhu kuzwakale eNkantolo yeMantshi yasePolokwane ngoLwesibili lapho uRameez Patel ebefaka khona isicelo sebheyili.

Umseshi kuleli cala, uSergeant Johannes Chokwe, wethule ubufakazi wathi uMahejeen watshela okungenani abantu ababili ukuthi uma efa ngokubulawa lokho kuyosho ukuthi ubulewe yindodana yakhe.

"Umufi wayazi ukuthi ummangalelwa ufuna ukumbulala,” kusho uChokwe ephendula ummeli kaPatel, uTumi Mokoena, ngesikhathi ephekwa ngemibuzo.

Inkantolo ilalele ukuthi ngesikhathi uMahejeen ebulawa ubesezinhlelweni zokuthutha umcebo wakhe awufake kwi-trust account.

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo usomabhizinisi osolwa ngokubulala unina

"Ubesezinhlelweni zokuthutha izigidi zakhe azifake kwi-trust account ukuze ummangalelwa engeke akwazi ukuzuza emnothweni wakhe,” kusho uChokwe.

UMahejeen wabulawa emzini wakhe osendaweni yabadla izambane likapondo eNirvana, ngemuva kwemizuzu engaphansi kwemihlanu uPatel ekade enaye.

UPatel, 32, unethemba lokudedelwa ngebheyili futhi njengoba ehamba icala eNkantolo eNkulu yaseLimpopo ngezinsolo zokubulala unkosikazi wakhe, uFatima Patel.

UFatima wadutshulwa washona esemzini wakhe eNirvana.

UPatel ubengaphandle ngebheyili ka-R250 000 ngesikhathi eboshelwa izinsolo zokubulala umama wakhe.

Ubaba kaPatel naye washona esigamekweni sokudutshulwa ngo-2016.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.