Uma ufuna ukuba ngumholi, kulungele phela nokuba uholwe: Dlamini-Zuma

2017-08-27 12:20

Johannesburg - Ogaqele isikhundla sokuba ngumengameli, uNkosazana Dlamini-Zuma, uthi noma ngabe kukhethwa bani ukuhola i-ANC ngoDisemba kuzomele aqinisekise ukuthi inhlangano inqoba ukhetho lukazwelonke ngo-2019.

Uthe nakuba eyedwa umuntu ozowina ukhetho, kodwa akusho ukuthi abangawinanga kuzomele bashiye inhlangano.

“Uma ufuna ukuhola, kulungele nokuba uholwe ngokunjalo,” esho.

“Uma ungenela ukhetho kumele wazi ukuthi zimbili izinto ezingase zenzeke. Kungenzeka uwine noma ungawini. Kodwa ngabe lokho kusho ukuthi uma ungawinanga sekumele ushiye inhlangano? Uma ungumholi kumele izinto ezifana nalezi uzilindele.”

OLUNYE UDABA: Sekushone omunye futhi umvukuzi emayini

UDlamini-Zuma ukusho lokhu ngesikhathi eqhuba umkhankaso wakhe esifundeni saseMoses Mabhida ngoLwesihlanu ebusuku.

Lolu hambo lulandela olunzima lwaseNorth West‚ lapho eanqatshelwa khona yi-Amcu ukuba abeke izimbali eMarikana, kubika iSowetan Live.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.