UMabedi uchaza ngolukaKhuzwayo kwiChiefs

2018-05-02 11:01

Cape Town - Umqeqeshi osabambile kwiKaizer Chiefs uPatrick Mabedi ukholelwa wukuthi ikilabhu inenala yethalente, okubalwa nonozinti osemncane uBruce Bvuma

Lo nozinti, 22, udlale umdlalo wakhe wokuqala kumaGlamour Boys ka-2016/17 ngaphambi kuka-Itumeleng Khune noBrilliant Khuzwayo.

Nokho uBvuma, oseke wadlalela iBafana Bafana ngesikhathi edlala kwi-COSAFA Cup ka-2017, ubelokhu ebonakala ebhentshini emidlalweni emibili yokugcina yeChiefs idlala neGolden Arrows kanye neMaritzburg United. 

OLUNYE UDABA: USukazi uqinisekise ukuthi uKhuzwayo usajabule kwiChiefs

Lo mdlali wakhethwa ukuba "asike iphethini" kuKhune, kanti kungenzeka ukuthi iChiefs igadle ngaye emdlalweni wayo wokugcina we-Absa Premiership ne-Ajax Cape Town ngomhlaka-12 Meyi.

UMabedi utshele izintatheli wathi: "Sinabadlali abanohlonze kwiKaizer Chiefs kangangoba ungaqoka noma ngubani ukuba angene enkundleni ngaphandle kokunanaza.

"Besifuna ukushintsha abadlali kancane sifake nabadlali abasha ngoba besazi ukuthi miningi imidlalo okumele siyidlale. Odabeni lukaKhuzwayo, ngicabanga ukuthi bekumele sinikeze lo mfana osemncane ithuba lokuzwa ukuthi ikilabhu idlala kanjani.

"Akukho okungalungile ngoBrilliant, ngenxa yokuthi besidlala imidlalo emibili ilandelana sibone kubalulekile ukunikeza abanye abadlali ithuba. Yilokho esikwenzile futhi ngijabule ngaleso sinqumo."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.