UMabuza nguye ongukhiye emjaweni wabagaqele esokwengamela i-ANC

2017-12-03 12:02

Johannesburg - UNdunankulu waseMpumalanga uDavid Mabuza uphoqe labo abagaqele esokwengamela i-ANC wabatshela ukuthi kuzomele batshengise ubumbano kungenjalo bakhohlwe ukuthi bazothola ukwesekwa yilesi sifundazwe.

Labo abahamba phambili kulo mjaho - uSekela Mengameli Cyril Ramaphosa nowayenguSihlalo we-African Union Commission uNkosana Dlamini-Zuma – banamasonto amabili nje vo ukuthobela izimfuno zikaMabuza noma babhekane nokulahlekelwa ngamavoti ezithunywa ezingu-736 ezizobe ziqhamuka kulesi sifundazwe.

Njengoba izibalo zitshengisa ukushuba komjaho njengoba izifundazwe ziphakamisa amagama alabo abangathanda bahole le nhlangano, iMpumalanga - okungeyesibili ngobukhulu nenezithunywa ezibumbene njengoba kuyiwa kule nkomfa - yiyo ezocacisa ozodla umhlanganiso.

Lokhu kusho ukuthi uMabuza nguye ophethe amandla okuthi ngubani ozonqoba.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: 'Umengameli ophumayo' uZuma uhlangane nabagaqele esokuhola i-ANC

UMabuza, naye ogaqele esikasekela mengameli, utshele iCity Press ngesikhathi enengxoxo nayo ngemuva komhlangano wesigungu sesifundazwe ngoLwesihlanu ukuthi iMpumalanga izosebenzisa amandla enawo ukuphoqa labo abangenele lo mjaho ukuba babe yingxenye yohlelo lobumbano.

Njengoba uDlamini-Zuma noRamaphosa bewazi amandla eMpumalanga, kumele bathobele umbono wayo uma befuna ukuphuma phambili.

"Lapho iMpumalanga iya khona, bazonqoba," kusho uMabuza.

Umyalezo walesi sifundazwe owokushumayela ubumbano kule nhlangano.

Thola udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.