UMabuza usidayisile, kusho abalandeli baDlamini-Zuma

2017-12-20 18:00

Johannesburg - Abalandeli balowo obegaqele isikhundla sokuhola i-ANC uNkosazana Dlamini-Zuma bathi lowo okhethelwe kwesokuba yiPhini likaMengameli we-ANC uDavid Mabuza ubadayise ngomzuzu wokugcina.

UMabuza akazange ayalele izithunywa zesifundazwe sakhe iMpumalanga ukuba zivotele uDlamini-Zuma nakuba ebephakanyiswe wuhlangothi lwakhe kwesokuba yiphini.

Izithunywa zaseMpumalanga zikuqinisekisile ukuthi ngaphambi kokuba zivote ngeSonto ebusuku, kwaba nomhlangano wezithunywa ezingu-708.

Imithombo ithi kulowo mhlangano, uMabuza watshela izithunywa ukuba zivote "ngokonembeza bazo" akazange athi “kumele zivotele u-NDZ”.

Izithunywa ezazihambisana nombono wakhe wobumbano zambuza ukuthi kumele zivotele bani kwesokuba umengameli, kodwa uMabuza akazange alisho igama likaDlamini-Zuma.

OLUNYE UDABA: Zilokhu zimphike njalo izinto uSenzo Mchunu

"Abantu bafunda kwezabo,” kusho omunye wabaholi besifundazwe.

"Sasithembe u-DD (uMabuza) kodwa yena wasidayisa,” kusho umlandeli kaDlamini-Zuma.

Omunye okwiKhabhinethi, ongafunanga ukudalulwa, naye usho okufanayo nge-SMS ayithumelile, wathi uMabuza “usidayisile”.

Abalandeli baDlamini-Zuma babelindele ukuba uMabuza eseke uDlamini-Zuma, enze isiqiniseko futhi sokuba nabalandeli bakhe benza okufanayo.

UMabuza wanikwa isikhundla sephini likamengameli ngemuva kokwehlula uLindiwe Sisulu.

- Sowetan Live

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.