UMabuza uthi kade abantu baqala ukumninda ngobubende inyama engayidlanga

2018-02-28 09:31

Cape Town – Lowo osanda kufungiswa njengeSekela likaMengameli wezwe, uDavid " DD" Mabuza usewaphebezile amahlebezi amyamanisa nezigelekeqe, wathi vele abantu baqala ukumbophela amanqina enyathi ngo-2009.

UMabuza umenyezelwe njengephini likaMengameli Cyril Ramaphosa ngoMsombuluko ebusuku kulandela ukwenziwa kwezinguquko kwiKhabhinethi.

Yena kanye nabanye ongqongqoshe abasha bafungiswe ngoLwesibili ntambama.

UMabuza, obenduNdunankulu waseMpumalanga kusukela ngo-2009, usolwa ngokuphatha isifundazwe njengomuzi wakhe, okubalwa nokususuluza labo abayizimbangi zakhe kwezepolitiki.

Kepha ngemuva kokufungiswa izolo, uziphikile izinsolo ezithi uyathinteka enkohlakalweni wathi kunabantu abamninda ngobubende inyama engayidlanga.

“Lowo mkhankaso waqala ngo-2009 ngesikhathi ngingena esikhundleni sokuba ngundunankulu, ngoba abantu babengazitsheli ukuthi umfana wasemakhaya angaba ngundunankulu. Babehluleka ukwamukela lokho,” esho.

"Kusukela ngo-2009, njengoba manje sekungu-2018, sekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye kodwa kusakhulunywa ngale nto njengoba sengiyisekela likamengameli. Bayokhuluma ngize ngiyongena egodini.”

UMabuza ugqugquzele noma ngabe ngubani obona yena nanoma yisiphi isakhamuzi senza ubugebengu, ukuba abikele abomthetho.

“Akekho owake waphumela obala wathi ungibonile ngenza yonke le nto engisolwa ngayo. Ngikulungele ngisho ukuya enkantolo ngiyokwethula ubufakazi,” esho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.