UMadedi uthi abadlali beChiefs kumele benze umsebenzi wabo

2018-04-25 11:04

Johannesburg - Ibamba likamqeqeshi weKaizer Chiefs uPatrick Mabedi liyavuma ukuthi isigameko saseMoses Mabhida sibalimaze kakhulu abadlali emqondweni, kodwa wathi akumele bahlale kuleyo nto kwazise kusele imidlalo emibili.

IChiefs izothamela isigcawu se-PSL sokuqondiswa kwezigwegwe ngoMeyi 3 ngemuva kokungaziphathi kahle kwabalandeli behlulwa ngo-2-0 yiFree State Stars koweNedbank Cup ngempelasonto.

Abalandeli behluleka ukwamukela ukwehlulwa, kwazise kwakusho ukuthi sekuzophela isizini yesithathu singabonwa isicoco ePhefeni ngaphansi kukaSteve Komphela.

Izixhwanguxhwangu zangena enkundleni, zashaya onogada, zacekela phansi nempahla.

OLUNYE UDABA: Injabulo kuvulwa isikhungo sezemidlalo KwaDukuza

Ngemuva komdlalo uKomphela wesula esikhundleni sakhe, nokwenze iChiefs yaqoka uMabedi ukuba abambe izintambo.

Umdlalo wakhe wokuqala esezintanjeni behlulwe yiGolden Arrows ngo-3-1 ePrincess Magogo Stadium ngoLwesibili ebusuku.

UMabedi uthi abadlali kudingeka bakhohlwe ngokushesha okwenzeke eMoses Mabhida. Uthi kuzomele benze umsebenzi wabo abadlali.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.