UMadikizela-Mandela washaya indiva iminyalelo yobuholi be-ANC - Thabo Mbeki

2018-04-04 12:30

Johannesburg - UWinnie Madikizela-Mandela washaya indiva imiyalelo yobuholi be-ANC yokuba ahlakaze iMandela United Football Club.

Lawa ngamazwi kalowo owayengumengameli wezwe uThabo Mbeki awasho ngoLwesibili angxoxweni abenayo ne-SABC.

“U-Oliver Tambo wangenelela kulolu daba ezama ukumtshela ukuthi wenza okungalungile. Ayiyekwe lento. Kodwa lokho akusebenzanga.”

IMandela Crisis Committee yasungulwa ngoJanuwari 1989 ngenhoso yokwenza uMadikizela-Mandela ukuba akhulule abafana abane ababethunjwe ngonogada abakhe, ababaziwa ngeMandela United Football Club‚ emzini kaPaul Verryn ngoDisemba 1988.

OLUNYE UDABA: 'UMadikizela-Mandela ubengumakoti wangempela'

UMadikizela-Mandela walahlwa yicala ngo-1991 lokuthumba nokuba nesandla ekushayweni kukaStompie Seipei‚ ongomunye wabafana ababethunjiwe.

Isigwebo sakhe seminyaka eyisithupha sehliswa, wahlawulisa waphinde walengiselwa sona ngemuva kokulidlulisela phambili lolu daba. UTambo noMbeki babeseLusaka eZambia ngaleso sikhathi.

UMbeki uthi: “Wazama (uTambo) ngakho konke okusemandleni akhe ukumtshela ukuthi indlela aziphethe ngayo iyilungile, kodwa akazange aphendule ngaleso sikhathi.”

UMbeki uthi Madikizela-Mandela kumele akhunjulwe njengomuntu owayehlukile kulabo ababesebenzela ukulwisana nobandlululo.

- Sowetan Live

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.