UMadonsela uthi unamanga uMkhwebane

2017-02-03 16:01

Johannesburg - Lowo owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela ugxeke uMvikeli woMphakathi omusha uBusisiwe Mkhwebane, ngakukhulume kwabezindaba.

UMadonsela uthe akulona iqiniso ukuthi kunemali okufanele ayikhokhe nokuthi waxhaphaza imoto yoMbuso.

UMadonsela ubekhuluma ngemali engu-R470 000 okuvele esithangamini sabezindaba ukuthi kumele ayikhokhe ngokusebenzisa imoto yoMbuso isikhathi eside kunaleso esifanele nangezinsolo ezithi indodana yakhe yashayisa imoto yoMbuso.

Engxoxweni abenayo neCitizen‚ uMadonsela uphendule okushiwo uMkhwebane ngoLwesine, ngesikhathi ekhuluma nezintatheli kuphela izinsuku ezingu-100 enguMvikeli woMphakathi.

UMadonsela, ngonyaka odlule wathi umcwaningi mabhuku jikelele wathola ukuthi akumele uMadonsela akhokhiswe imali ngoba akuyena owanikeza indodana yakhe imvume yokushayela imoto ngaphambi kwengozi.

OLUNYE UDABA: Lizoqulwa ngoMashi elosolwa ngokuhlahlela umndeni ngembazo

UMadonsela ukuphikile futhi ukuthi bayasebenzisana noMkhwebane njengokusho kwakhe kwabezindaba.

UMkhwebane uthe akaqalanga kahle emsebenzini wakhe ngenxa yemibiko yabezindaba engemihle ethi uyinhloli, ungupopayi wabakwaGupta futhi unguMvikeli kaMengameli.

Uphinde wavuma ukuthi ungena ezicathulweni ezinkulu, ngenxa yokuthandwa kakhulu kukaMadonsela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.