'UMagaqa ubehloniphekile, ethembekile futhi enomusa'

2017-09-14 19:31

Umzimkhulu – USindiso Magaqa, 35, ubeyisibonelo esihle sokubaqotho emphakathini.

Lawa bekungamazwi abekhulunywa ukuchaza uMagaqa obeyenguNobhala we-ANC Youth League ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yakhe yesikhumbuzo eMzimkhulu, KwaZulu-Natal, ngoLwesine.

Le nkonzo ibihanjwelwe ngamalungu omphakathi, abaholi be-ANC, abangani, izihlobo, omakhelwane noNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula.

OLUNYE UDABA:'Igazi likaMagaqa malibe yintelezi ezoletha ukuthula kule nhlangano'

UZweli Mkhize oyilungu lomphakathi futhi ongumngani kaMagaqa, ekhuluma nabeNews24 uthe uMagaqa "ubeyindoda elungile".

"Ubehloniphekile futhi enomusa. Ukhule phambi kwethu. Ubehlezi ewusizo."

UMkhize uphinde wathi wayekhona ngesikhathi sesigameko sokudutshulwa kukaMagaqa. Uthi wayengemuva kukaMagaqa emotweni yakhe. 

"Ngesikhathi esefika, sasesizohamba. Sezwa kuqhuma inganono, sabaleka. Sasingazi ukuthi kuqhubekani. Ngesikhathi sesibuya. Sabona ukuthi udutshuliwe."

UMagaqa ushonele esibhedlela saseThekwini ngoMsombuluko kulandela isigameko sokudutshulwa ngoJulayi 13.

Umakhelwane kaMagaqa ophinde abe ngumngani wakhe weminyaka, uWababe Chiya, uthe yena nomufi bangena kanye kanye kwezombusazwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.