UMagashule uthi i-ANC kumele yakhe kabusha uma ifuna ukunqoba ukhetho

2018-04-10 09:30

Johannesburg - UNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule ngoMsombuluko ebusuku kukhunjulwa uWinnie Madikizela-Mandela eGoli, uthe ukungagxeki abaholi enkonzweni yesikhumbuzo akusho ubugwala kodwa kusho ukuzipha kahle.

“Lesi yisikhathi sethu, kodwa ngeke sayithola inkululeko kwezomnotho uma i-ANC isaklwebhana yodwa. Ngeke walunqoba ukhetho uma ucabanga ukuthi uwena wedwa obalulekile kwi-ANC, awubadingi abanye,” kusho uMagashule.

“Kumele sikuphoqe ukuba sibumbane. Kumele siyakhe kabusha i-ANC.”

OLUNYE UDABA: Umholi we-IFP uthi uMadikizela-Mandela wayelishaya ibhodwe

UMagashule uthe i-ANC inamandla kuphela uma ibumbene.

“Ungacabangi ukuthi ubaluleke kakhulu ngendlela yokuthi unamandla, into enamandla i-African National Congress. Awuyilutho ngokwakho. Yingakho kumele sifunde ukuhlonipha, siqinisekise ukuthi siyakha futhi sivuselela inhlangano.”

Uphinde wathi nokugxekana esidlangalaleni kwenza iqembu lintengezele.

- Sowetan Live

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.