UMagashule walile ukusho ukuthi uzokwehla nini uZuma esikhundleni

2018-02-08 16:01

Cape Town – UNobhala Jikelele we-African National Congress u-Ace Magashule walile ukusho ukuthi uMengameli Jacob Zuma uzokwehla nini esikhundleni.

UMagashule ubekhuluma nezintatheli ePhalamende.

UMagashule ukhulume kanye noSotswebhu we-ANC uJackson Mthembu ngemuva komhlangano wekhokhasi ye-ANC ePhalamende.

UMagashule akafunanga ukuphendula imibuzo mayelana nokuthi uZuma ozokwesula nini.

"Umengameli we-ANC ukhiphe isitatimende izolo, nathi ngokunjalo sakhipha isitatimende esishoyo ukuthi zihambe kahle izingxoxo phakathi kukaMengameli Zuma nomengameli [we-ANC] uRamaphosa.”

OLUNYE UDABA: Kubizwe umhlangano weKhokhasi ye-ANC ePhalamende

Utshele izintatheli ukuthi yena ubezotshela amalungu e-ANC ePhalamende ukuthi kumele asebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi ziyaphumelela izinto okwavunyelwana ngazo engqungqutheleni ye-ANC.

Ebuzwa ukuthi lushintshweleni uhlelo lomcimbi wangempelasonto wokukhumbula uNelson Mandela, njengoba sekukhishwe uRamaphosa noSihlalo we-ANC uGwede Mantashe kulona, uMagashule uthe usazobuza ehhovisi elikhulu.

Kube sekukhuluma uMthembu, wathi: "Empeleni, sinenzele umusa nje, ngakho sicabanga ukuthi seniyawuhlukumeza lowo musa wethu.

“Unobhala jikelele ukhulume nani ngoba nilapha. Ubezobe engahloniphi ukuba uvele wadlula nje.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.