UMahumapelo unxusa ukuthula ezimayini zaseRustenburg

2017-09-26 14:01

Johannesburg - UNdunankulu waseNorth West uSupra Mahumapelo usenxuse ukuthula ezimayini zaseRustenburg.

Lokhu kulandela ukudlula emhlabeni kwelungu lenyunyana yabasebenzi basezimayini i-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu) eWonderkop eduzane naseMarikana.

Amaphoyisa athi le ndoda yatholwa idindilize phansi inamanxeba okudutshulwa emqolo nasesiphundu.

OLUNYE UDABA:Zehlile izehlakalo zodlame ezimayini

Unkosikazi kamufi, uthi babesendleleni beyovakashela abangani ngesikhathi bebona amadoda amabili angaziwa ehlezi ekhoneni.

Ngemuva kokuwadlula, lezi zithandani zezwa sekuqhuma isibhamu, owesilisa wawa phansi.

Amaphoyisa athi awakungabazi ukuthi lesi sigameko sokudubula sihlobene nesezinyunyana.

Umengameli we-Amcu uJoseph Mathunjwa ukhiphe isitatimende ngoMgqibelo wathi uMvelisi Biyela, obesebenza ophikweni lwezempilo nezokuphepha eLonmin, udutshulwe ngaphandle komuzi wakhe ngoLwesihlanu.

UMathunjwa uthe ukufa kukaBiyela kubashiye bethuthumela, kepha ngeke baze basatshiswe.

 - SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.