UMaimane ukhala ngokuthi awaveli amanani ezipho ezitholwa uMengameli - Umbiko

2017-11-13 12:30

eThekwini - UMmusi Maimane ongumholi weqembu eliphikisayo iDA utheleke e-Union Building lapho kuzinze khona iHhovisi likaMengameli wezwe uJacob Zuma.

UMaimane ufike kule ndawo efuna bamkhiphele umbiko wobufakazi bokuthi uMengameli uyaziveza zonke yini izipho azitholayo nokuthi uzithola kanjani.

Lokhu kulandela ukucasuka kwakhe ngokuthi uMengameli akazange afune ukuphendula umbuzo wakhe ePhalamende ngokuthi aphawule ngalokhu okwakubhalwe encwadini esanda kukhishwa ethi The President's Keepers ngokuthi kunemali ayeyithola kusomabhizinisi waseThekwini.

Ngesikhathi ecelwa ukuba aphawule ngalokhu, uMengameli watshela uMaimane ukuthi usePhalamende ngoba ezophendula imibuzo, hhayi izinto ngaye ezibhalwe ezincwadini.

"Ngilapha ukuzophendula imibuzo, hhayi izincwadi. Kuningi okuhlezi kubhalwa ngami, ngakho-ke angikholwa wukuthi kulindeleke ukuba ngihambe ngiquliswa ngakho konke okubhalwayo," kusho uMengameli ngaleso sikhathi.

Lokhu kwamcasula kakhulu uMaimane ongazange esakwazi nokuqhubeka nokulalela inqubo yasePhalamende wahamba namalungu eqembu lakhe.

Kulokhu ubabele ehhovisi likaMengameli efuna ubufakazi bezipho ake azithola selokhu athatha esobumengameli.

OLUNYE UDABA:UZuma 'wesabise ngokukhuluma uma abe-ANC beqhubeka nokumcasula'

Njengoba esewutholile lo mbiko abewufuna nokuwumbiko weminyaka yaphakathi kuka-2009 kuya ku-2017, uMaimane usekhala ngokuthi yize umbiko ukhona futhi uveza izipho ezitholwa wumengameli ezisuka ezindaweni ezahlukahlukene, kodwa manani azo awabonwa. 

"Uma kubhalwe ukuthi uMengameli unikezwe isipho sewashi eliyisiliva, kodwa akuveli ukuthi hlobo luni lwewashi nokuthi libiza malini.

"Kwenza umehluko ukwazi ukuthi ngabe leli washi libiza u-R100 000 noma ngaphezulu, kodwa lapha kuvela kuphela izipho azitholayo nokuthi uzithola kuphi, hhayi amanani nokuyinto engikhala ngayo," kusho yena.

Uthi okumhluphayo wukuthi awukho umbiko obonisa ukuthi kunezipho zemali ake azithola ezivela emndenini wakwaGupta nokuyinto emenza asole kakhulu futhi ubona kungcono kwenziwe uphenyo ngezipho ezitholwa wuMengameli bangagxili kuphela kulo mbiko.

UMaimane ulincome kakhulu ihhovisi likaMengameli nabo bonke abasebenzi balo ngokuzimisela emsebenzini kanye nokumsiza ngendlela.

Ngokusho kwakhe, uthi inkinga akuyona ukusebenza kwaleli hhovisi ngoba kuyabonakala ukuthi umsebenzi uqhutshwa ngendlela, yena ukhala kuphela ngoMengameli ongathembekile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.