UMaimane unxusa i-UDM ukuba ingaphumi kuhulumeni waseNelson Mandela Bay

2017-08-25 12:31

Cape Town – Umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane usenxuse i-United Democratic Movement ukuba icabangisise isinqumo sayo sokuphuma kuhulumeni wobambiswano kuMasipala waseNelson Mandela Bay.

UMaimane ubephendula incwadi ephuma kumholi we-UDM uBantu Holomisa ngoLwesine, othe inhlangano yakhe izoshiya ekubambisaneni ne-DA uma kufika uMsombuluko engabuyiselwa esikhundleni sakhe lowo obeyiPhini leMeya uMongameli Bobani.

UBobani ukhishwe ngevoti esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bakhe ngoLwesine, kulandela ukusolwa yi-DA ngenkohlakalo.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke isinqumo ecaleni lowafakwa ebhokisini lomngcwabo

Encwadini yakhe ngoLwesine, uMaimane uthe umnqamulajuqu abawubekelwe wuHolomisa ufana nokufuna ukukhokhelwa nguhulumeni ngokwenza into ephambene nomthetho.

I-DA ithi i-UDM ifuna ukuba baqhubeke nokusebenzisana noxoshiwe nakuba ubufakazi benkohlakalo ngoBobani busobala.

"Akusetshenzwa kanjalo, futhi ngokubona kwethu kuphambene nomthetho. Kuzosenza sifane nohulumeni we-ANC esiwukhiphile,” kusho uMaimane.

UMaimane uthe abakujabuleli ukukhishwa kukaBobani kodwa kwenzeke into ebifanele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.