UMaimane usephumele obala ngokuthi uzizwa kanjani ngombhalo kaZille

2017-05-17 07:01

Johannesburg – Umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane ugxeke kabi lowo owayengumholi waleli qembu uHelen Zille ngemibhalo yakhe ayenza ezinkundleni zokuxhumana.

UHelen Zille wathi: “Uhambo lwakhe lwaseSingapore lumfundise lukhulu. Labo abacabanga ukuthi umbuso wengcindezelo awukaze wenze lutho oluhle, abazibuze ukuthi bayithola kanjani ingqalasizinda ehlelekile, ezokuthutha, amanzi ahlanzekile ahamba ngamapayipi nokunye okuningi.”

Esithangamini sabezindaba, uMaimane uthe: “Asikho isikhala sabantu ababambelela ezenzweni zobandlululo nokucwasana.

"Njengomuntu onsundu wakuleli nginomndeni owakhulela ngaphansi kwengcindezelo, akukho okuhle engingakusho ngombuso wobandlululo futhi asinaso isikhala sabantu abanobandlululo nabagxeka abantu ngenxa yobulili babo,” kusho uMaimane.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Sizodlala iDA ne-#BlackFriday 'engumbhedo'

UMaimane usho lokhu kulandela isimemezelo sokuthi umholi wentsha kuleli qembu uMbali Ntuli ubekwe amacala kanti uqondiswa izigwegwe "ngokuvuna" labo abagxeke uZille ngamazwi akhe.

Ukuqondiswa kwezigwegwe kukaNtuli sekwenze abantu babona sengathi leli qembu lihambisana nalokhu okushiwo wuZille.

Abantu bathi kungani kujeziswa uNtuli ngokuthi athande umbhalo wakuFacebook obugxeka ubandlululo lukaZille nokuthi ubandakanyeke engxoxweni lapho abegxeka khona lo mholi.

I-DA ithi uNtuli bekumele azi kangcono ngoba uyazi ukuthi kunemigudu okumele ilandelwe uma umuntu enenkinga ngokushiwo elinye lamalungu ale nhlangano, hhayi ukuthi adicilele phansi igama layo ezinkundleni zokuxhumana.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.