UMaimane uthi yilokhu okubenza behluke kune-ANC

2018-01-21 18:05

Cape Town – Umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane uthi izinkinga ezisematheni ngemeya yaseKapa uPatricia De Lille ziveza ngokusobala ukuthi iDA yehluke kangakanani kune-ANC.

UMaimane uthe wonke amalungu eDA kumele aphendule eqenjini ngendlela efanayo.

Ithi okwenzakalayo kuyakhombisa ukuthi akekho ovikelwayo kwi-DA, akekho ongathinteki.

UMaimane uthe inhlalonhle yezakhamuzi zaseKapa ibaluleke kakhuli kwiDA, ikakhulukazi ngalesi sikhathi sesomiso, futhi babhekene nakho ukukhathazeka okukhona ngobuholi bukaDe Lille.

UMaimane uthe ubuholi beDA baqala ukuzwa ngezinkinga zesigungu seDA edolobheni iKapa ngo-Agasti 2017, ngesikhathi kuvela izinsolo ezibucayi ngobuholi obungebuhle, ukungaphathi ngendlela efanele kukaDe Lille nezinye izikhulu.

“Saphendula ngokusungula uphenyo lwangaphakathi ngezinkinga, olwaluholwa uJohn Steenhuisen,” esho.

UMaimane uthi umbiko wophenyo lokuqala wathola ukuthi nakuba uDe Lille esebenza ngokuzikhandla, amanye amakhansela e-DA, yizisebenzi zedolobha bakuthola kunzima ukusebenzisana naye.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe oabesilisa abane ngokuzam aukubulala 'owebe iselula'

Uthi kunezinsolo eziningi anukwa ngazo kanti neqembu lamnikeza isikhathi esanele ukuba aphendule ngazo.

UMaimane uthi olunye uphenyo olwenziwa yiBowman Gilfillan lwaveza ukuthi uDe Lille unokungaziphathi ngendlela efanele.

UMaimane uthi kunabanye abathi iDA akumele izixake kakhulu ngodaba lukaDe Lille njengoba kusahlasele izinkinga zesimiso kuleli dolobha.

Kodwa yena uthi ngeke bazishaya indiva izinsolo ezibucayi ngenxa yalesi sizathu, ngoba isomiso singase sibekhona iminyaka, kanti futhi abantu baseKapa bayabudinga ubuholi obuphethe ngendlela, ikakhulumazi ngalesi sikhathi sezinkinga.

UMaimane uthi ukubhekana nezinsolo ezikhona ngoDe Lille yikhona okubenza behluke kune-ANC, ngoba iDA izimisele ngokwenza into efanele ngaso sonke isikhathi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.