UMaimane uzofaka isiphakamiso sokuhlakazwa kwePhalamende

2017-08-09 13:49

Cape Town – Umholi weDemocratic Alliance (DA) uMmusi Maimane usecele ukuba kuhlakazwe iPhalamende kulandela ukungaphumeleli kwesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

UMaimane uthi abantu baseNingizimu Afrika abasalethembi iqembu elibusayo, i-Afican National Congress.

"IPhalamende kumele lihlakazwe,” kusho uMaimane etshela izintatheli esithangamini sabezindaba ngoLwesithathu.

Uthe iqembu eliphikisayo lizofaka isiphakamiso sokuba kuhlakazwe iPhalamende ngoLwesine bese kuyiwa okhethweni ngokushesha.

OLUNYE UDABA: Akukapheli ngoZuma - Amaqembu aphikisayo

Ngokwesigaba 50 soMthethosisekelo, uMengameli Jacob Zuma kumele amemezele usuku lokhetho ngokushesha uma isiphakamiso siphumelela, kusho uMaimane.

UZuma uphinde wasinda esiphakamisweni ngoLwesibili ngemuva kokuba amalungu ePhalamende angu-198 evotele ukusichitha isiphakamiso kwathi angu-177 avotela ukusiseka.

Alinganiselwa ko-30 amalungu e-ANC ePhalamende avote kanye namaqembu aphikisayo esiphakamisweni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.