Umakhi ‘uphushele omunye phansi washona’ ngemuva kwengxabano

2016-06-30 14:28

Durban – Amaphoyisa aphenya icala lokubulala kulandela ukushona kukamakhi okuthiwa uphushwe esuka ebhilidini eliseThekwini wawela phansi ngoLwesine.

Kulesi sigameko kuboshwe uzakwabo okusolakala ukuthi uphushele phansi umufi esuka onqenqemeni lwebhilidi.

Umthombo ongaphakathi emaphoyiseni uthe umsolwa uphushe umufi kuleli bhilidi elakhiwayo.

Kuthiwa umsolwa uphushe umufi emastebhisini, kanti uzowela phansi.

OLUNYE UDABA: Ibangwa nezibi ingane ethanqazeke ebhilidini

Okhulumela iRescueCare uGarrith Jamieson uthe abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko bathola umufi, 25, esacazeke phansi esuka esitezi lesithupha.

"Sibe sesiyamhlola sathola ukuthi akasaphefumuli,” esho.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe abaseshi bayaphenya ngalolu daba.

"Kushone owesilisa, kanti kusolwa uzakwabo. Umsolwa, 19, zibe seziyamkhalela kuleli bhilidi elikuCurrie Road. Kulindeleke avele enkantolo kungekudala,” esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.