UMakhosi Khoza usola i-DA ngokuba ngosomathuba

2017-09-04 16:00

eKapa - Ilungu le-ANC ePhalamende uMakhosi Khoza ugxeke iqembu i-DA ngokufuna ukuthi kusondezwe ukhetho.

UKhoza ubhale enkundleni yezokuxhumana uFacebook egxeka leli qembu wathi abantu yibo abanikeza i-ANC igunya lokuhola ngokoMthethosisekelo isikhathi esiyiminyaka emihlanu.

“Akumele sivumele osomathuba bathole indawo uma sibhekene nezingqinamba zangempela ezweni lethu," kusho uKhoza.

OLUNYE UDABA:I-DA izofaka isicelo sokusondeza ukhetho ePhalamende

Uthi leli qembu lingosomathuba ngoba lizama ukusebenzisa izinkinga ze-ANC ukubhidliza ubuholi bayo.

Ngokusho kwakhe, leli qembu liseyikhaya longxiwankulu abanobandlululo eliqhuba abantu abansundu phambili, abamhlophe bebe behleli emahhovisi, kubika iThe Citizen.

Ukhoza usho lokhu kulandela ukuthi i-DA iveze ukuthi ifuna ukufaka isicelo sokuba nokhetho oluphuthumayo, kanti lesi sicelo sizodingidwa kwinkulumompikiswano ngoLwesibili.

Leli qembu lifuna ukhetho lusondezwe nganeno kanti lithi lenza lokhu ngoba libeka iNingizimu Afrika phambili.

Okhulumela iDA kuzwelonke, uPhumzile Van Damme, ngeSonto uthe ukusondezwa kokhetho kulotshiwe kwisigaba 50 kuMthethosisekelo.

UVan Damme uthi lokhu kuzonikeza izakhamuzi zakuleli ithuba elisha lokukhipha i-ANC eholwa nguMengameli Jacob Zuma emandleni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.