UMakhosi Khoza uthi i-ANC eKZN ayikwazi ukumbeka amacala ngakusho ngoZuma

2017-08-01 12:32

Johannesburg – ILungu lePhalamende le-ANC elisobishini, uMakhosi Khoza, ngoLwesibili lishaye phansi ngonyawo lithi igatsha leqembu KwaZulu-Natal alinawo amandla okumbeka icala ngokuphawula kwakhe akwenze ezinkundleni zokushumana, kubika iHuffPost SA.

UKhoza wabekwa amacala amabili yikomidi eliphezulu lesifundazwe ngokungaziphathi kahle ngokuphawula akwenzile ngeqembu ekhasini lakhe laFacebook, kanye nokuphawula akwenze emcimbini owawuseGoli nalapho anxusa khona ukuthi uMengameli Jacob Zuma ehle esikhundleni.

Embhalweni wakhe wakamuva kuFacebook, uKhoza ufake incwadi ayibhalele uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, nomele ubuholi besifundazwe be-ANC, uRavi Pillay.

OLUNYE UDABA:Ilungu le-ANC selivumile ukuvala umlomo walo ngodaba lukaZuma

UKhoza ucaphuna uMthethosisekelo we-ANC, nothi ukuqondiswa kwezigwegwe ngokujwayelekile kuba ngaphambi kwekomidi ezingeni lapho ukuphulwa komthetho noma ukungaziphathi kahle kwenzeke khona, okungaba igatsha, isifunda, isifundazwe noma ezingeni likazwelonke.

“Kuyinto ejwayelekile ukuthi imibhalo kaFacebook kulolu daba ibibhalwe ngaphandle kwamandla okuthatha izinqumo esifundazwe iKwaZulu-Natal… IProvincial Disciplinary Committee (PDC) ye-ANC esifundazweni sami esithandekayo ayinawo amandla adingekayo ukuze isingathe lolu daba,” usho kanje.

“Ngokulinganayo, iChief Provincial Presenter ayinayo imvume edingekayo yokuqalisa ukuqondiswa kwezigwegwe okubhekene nami mayelana nombhalo kaFacebook ngoba kokubili umthetho okusolwa ukuthi uphuliwe noma ukungaziphathi kahle kwenzeka endaweni engaphansi kwamandla akhe.”

UKhoza uthi ukuphawula kwakhe kokunxusa ukuthi uZuma ehle esikhundleni wakweza eGoli futhi kuyahambisana “nekhwelo lomphakathi elilokhu liphindaphindwa” elenziwa yizingqalabutho ze-ANC, amalungu amadlelandawonye kanye namanye amalungu eNEC ye-ANC. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.