UMakhosi Khoza uthi ubuholi be-ANC kumele buhambe ezinyathelweni zakhe

2017-10-10 16:06

eThekwini - UMakhosi Khoza osanda kusula ku-ANC ngemuva kokuvota namaqembu abefuna ukugudluza uMengameli uJacob Zuma uthi ubuholi bukaKhongolose kemele buhambe ezinyathelweni zakhe, kubika iNewswatch.

UKhoza ukholwa wukuthi izinkinga zaleli qembu akumele zithweswe uMengameli uZuma kuphela, kodwa bonke ubuholi.

"Ngicabanga ukuthi laba baholi ikakhulukazi uNobhala Jikelele uGwede Mantashe, Zweli Mkhize noCyril Ramaphosa, bangona kakhulu. Ukuphumela kwabo obala bethi abazi ukuthi kusukaphi ukuguqulwa kweKhabinethi, kodwa babuye bawahoxisa amazwi abo ngemuva kwezinsuku ezimbalwa, kusho lukhulu.

"Basuka lapho basiphoqa ukuba sivikele futhi sime kanye nale ndoda (Zuuma) ePhalamende," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Liphume nobomvu – kusho i-MKMVA ngokusula kukaMakhosi Khoza

UKhoza uthi ubengakasithathi isinqumo mayelana nekusasa lakhe kwezepolitiki.

"Alikho iqembu elisha engilisungulayo, kodwa-ke ngeke ngiwushalazele lowo mqondo. Kumele uhlakaniphe uma usungula iqembu elisha. Kumele ngiqondisise ukuthi kungani i-COPE ingazange iphumelele, kanjalo ne-Agang.

"Kumele ukuqondisise kahle okuhlukile oza nakho, ngicabanga ukuthi lokho kuthatha isikhathi futhi umuntu angathathi ngamawala," kuqhubeka yena.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.