UMakhosi Khoza uthi wesabela impilo yakhe

2017-09-08 15:59

Durban – Lowo oyiLungu le-African National Congress ePhalamende uMakhosi Khoza uthi wesabela impilo yakhe njengoba kumele avele ngaphambi kwekomidi eliqondisa izigwegwe KwaZulu-Natal ngempelasonto.

UKhoza uzovela ngaphambi kwaleli komidi elizobe liholwa nguRavi Pillay ngeSonto, kepha izigameko zakamuva zokubulawa kosopolitiki kulesi sifundazwe zenza uKhoza asabe ukuthi naye angase asocongwe.

Isikhathi nosuku okuzolalelwa ngalo udaba lwakhe yikho okwenza inkukhu iwusole umgqakazo, njengoba imihlangano eminingi yalolu hlobo ingajwayele ukubanjwa ngamaSonto ntambama, esho.

"Amalungu amaningi abulewe, abulawe ekade esemhlanganweni,” esho etshela iNews24 ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: I-ANC eKZN isibeke ngokusemthethweni amacala uMakhosi Khoza

Lowo owayenguNobhala Jikelele we-ANC Youth League uSindiso Magaqa, oshone ngoMsombuluko ngemuva kokudutshulwa ngoJulayi, akakangcwatshwa, kusho uKhoza.

Ezinye izigameko zibandakanya ukushona kwamanye amakhansela akomasipala abehlukene esifundazweni, okubalwa nokubulawa kwekhansela laseRichmond ngoJulayi.

UKhoza uthe ubecelile ukuthi lo mhlangano ubanjwe phakathi nesonto kepha uPillay wanqaba. Uthe inhlangano kuningi ekushaye indiva esicelweni sakhe.

UKhoza wazidalela amazinyo abushelelezi kuKhongolose kulandela ukuphumela obala athi akabethembi ubuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

Thola udaba oluphelele lapha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.