UMakhosi Khoza uthi yena wasebenzisa unembeza kuvotwa

2017-08-15 09:32

Johannesburg – ILungu le-ANC ePhalamende uDkt Makhosi Khoza ngoMsombuluko ukuqinisekisile ukuthi wavotela ukuba aphume esikhundleni uMengameli Jacob Zuma.

UKhoza ukusho lokhu ngemuva kwamahora uZuma nasondelene nabo bethe kumele athathelwe izinyathelo amaLungu e-ANC ePhalamende ashaye indiva imiyalelo ye-ANC ngesikhathi kuvotwa ngesonto eledlule.

NgoMsombuluko, ngisho nalabo abeseka uZuma bebengazi ukuthi bazojeziswa kanjani abashaya indiva umyalelo weqembu ekubeni bengaziwa bonke ngenxa yokuthi kwavotwa ngokuyimfihlo.

OLUNYE UDABA: Ningayeki ukufaka i-ANC ezinkantolo ize ikwazi ukuhola - Bheki Cele

UKhoza ungene enkundleni yokuxhumana uFacebook wagxeka lawo maLungu e-ANC avotele ukugcina uZuma esikhunleni, wathi bakhethe ukugcina ‘ubusela’.

Uthi wonke amalungu ePhalamende ayenethuba lokukhetha phakathi kokuhle nokubi.

“Ngeshwa, iningi lakhetha ukudicilelwa phansi kwe-ANC nezwe."

- The Star

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.