UMaKhumalo woThando Nes'thembu uvule isifuba

2017-09-04 19:30

Johannesburg - UThobile MaKhumalo Mseleku, ongunkosikazi wesithathu kasomabhizinisi, uMusa Mseleku, uthi nakuba kwakunzima ukushada nendoda eyayisivele inamakhosikazi, wenza izinto ezimbalwa ukuze kuzoba lula ukuthatha isinqumo.

UMaKhumalo uthe yindlela uMseleku anothando ngayo nokwethembeka kwakhe kusukela ekuqaleni, okwenza ukuthi kube lula ukuthi ashade naye.

"Into eyangisondeza kuMseleku neyangikhuthaza ukuthi ngishade naye ukuba neqiniso kwakhe nenhlonipho angitshengisa yona ngesikhathi esangishela," kusho uMaKhumalo etshela abephephabhuku iBONA.

OLUNYE UDABA:Luhamba phambili uhlelo lwaMseleku Uthando Nes'thembu

"Unothando futhi akazange akufihle ukuthi ushadelwe. Wangitshela ukuthi uyawathanda futhi uyawahlopnipha amakhosikazi akhe, nokuthi futhi akukho ashoda ngakho."

Lo mndeni waduma ngemuva kokuvela kohlelo olungempilo yawo olwalutshengiswa kuMzansi Magic.

Uhlelo, Uthando Nes'thembu lubalwa nezinye izinhlelo ezitshengise ku-Mzansi Magic ezazithandwa kakhulu kuleli. 

Kusukela lo mndeni wavela kumabonakude usuthathwa njengosaziwayo, kanti futhi kubukeka sengathi uMseleku useyiguqulile imiqondo yabantu besifazane abaningi mayelana nesithembu.

 - Drum

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.