Umakhwapheni ucela ukufuniswa umndeni wesoka elishonile

2017-10-31 19:30

EGoli - UJoel Mdekane, 57, ubazi ukuthi ukufa sekufikile, yingakho ebone kubalulekile ukuthi akalungise izinto nentombi yakhe ngaphambi kokuba ashone.

“Wangitshela ukuthi useyawushiya lo mhlaba. Wathi uyaxolisa ngokungishiya ngingenakudla kanye nokuba luhlaza kimi. Ngimtshelile ukuthi ngiyamxolela,” kusho lo makhwapheni.

Lo makhwapheni oneminyaka engu-47 ubudala uthi uJoel naye obengumakhwapheni wakhe, ushone ngokuthula ehleli esihlalweni sakhe asithandayo emijondolo yaseTambo, ngaseWestonaria.

“Uvele wanikina ikhanda ngaphambi kokuba ashone. Ngithuke ngabiza omakhelwane ukuba bazongibonisa ngoba bengingakukholwa lokhu okwenzekayo. Kuze kwafika abezimo eziphuthumayo okuyibona abaqinisekise ukuthi ushonile,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Umngcwabo waphenduka idili likaMkhipheni kuvuka umufi

Omakhelwane kanye nabangani bakhe bahlanganyele ndawonye osizini ngokudlula emhlabeni kukaJoel.

Umakhelwane wakhe uMandla Ndlovu, 52, utshele abeDaily Sun ukuthi: “UJoel ubemthanda umakhwapheni wakhe. Ubeyindoda enokuthula, ethanda ukuziphuzela iPepsi azidlele namakhekhe.”

UNdlovu uthi umufi ubedayisa amakhalibhothi kanye nezinsimbi ukuqinisekisa ukuthi umakhwapheni wakhe ulala edlile. “Ubengafuni lutho ngaye.”

Lo makhwapheni usedinga usizo lokuthola izihlobo zikaJoel okukholakala ukuthi ziseVaal.

“Ngeshwa anginaso isithombe sakhe, kodwa usemakhazeni endawo. Ngiyafisa ukuxhumana nomndeni wakhe ukuze sixoxe ngodaba lokungigeza ngaphambi kokuba kubuye umyeni wami eMaputo," esho.

Uthi ukewezwa kuthiwa uJoel ongowase-East London kanti umfowabo nguMzefane.

Uma kukhona onolwazi ngaye angaxhumana nabe-Daily Sun kwethi 011 877 6000 noma ku-011 877 6254.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.