UMalema ungumfana omncane ongazi lutho - Oweqembu likaMugabe

2017-01-24 10:00

Harare – Izikhulu zeqembu elibusayo eZimbabwe zikushaya indiva okushiwo uJulius Malema ngoMengameli  Robert Mugabe okungukuthi useyikhehla futhi kumele ehle esikhundleni.

"Asikhathazekile nakancane ngamazwi kaJulius Malema," kusho uPsychology Maziwisa, oyilungu leZanu-PF ePhalamende.

"Ungumfana omncane ongazi lutho, ozama ngakho konke anakho ukuzakhela igama kwezepolitiki eNingizimu Afrika ngokuthi adelele ‘iqhawe’ laseZimbabwe. Ngeke uwine” kusho uMaziwisa kuFacebook.

OLUNYE UDABA: "Abenzi kahle abafundi abamnyama emanyuvesi"

UMalema uthe amalungu eqembu elibusayo angamagwala ngokungameluleki uMugabe ngokuthi aphume esikhundleni.

Umholi we-EFF wayejwayele ukutusa kakhulu uMugabe.

Ezinyangeni ezingu-18 ezedlule, okhulumela iqembu eliphikisayo eZimbabwe, iMovement for Democratic Change, u-Obert Gutu, wathi okwenziwa uMalema kukhomba ngokusobala ukuthi ‘umqondo wakhe awusebenzi kahle'.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.