UMalema uqhubekile nokuvikela ukudliwa komhlaba ngenkani

2016-11-07 13:35

Newcastle – Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uJulius Malema, uqhubekile nokuvikela inkulumo ayenza ngaphambilini nalapho agqugquzela khona amalungu aleli qembu ukuba adle ngenkani noma ngabe yimuphi umhlaba ahlangana nawo ongenalutho.

Kwenzeka lokhu nje lo mholi odume ngokuzikhulumela ubevele eNkantolo yeMantshi eNewscastle ngoMsombuluko lapho abalandeli be-EFF kanye nedlanzana ebeligqoke izikibha ze-ANC, bebephume ngobuningi ukuzokweseka lo mholi.

UMalema utshele abalandeli abebezomeseka ukuthi umhlaba bazowubuyisa kungakhathalekile ukuthi lokho kwenzeka kanjani ngoba abantu abalutho ngaphandle komhlaba.

OLUNYE UDABA: Sekuseduze kufike la sicikeka khona - Malema

“Akekho umuntu omhlophe owafika ephethe ibhubesi. Balithola la. Yonke into etholakala emhlabeni wethu ingeyethu,” kusho uMalema.

Uqhube wathi abantu abamhlophe ngeke babaxoshe, wathi kodwa bazobasikela indawo encane, kodwa wathi angeke ibe nkulu idlule eyabantu abamnyama ngoba ‘bayizivakashi’.

Icala elibhekene noMalema lihlehliselwe umhlaka-7 kuDisemba njengoba i-EFF ifuna ukuphonsela inselelo eNkantolo yoMthethosisekelo iRiotous Assemblies Act, okuwumthetho owawusetshenziswa ngesikhathi sobandlululo.

UMFANEKISO:

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.