UMalema usola uZuma ne-ANC ngokudutshulwa kowe-EFF

2016-05-25 13:30

Komatipoort – Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema usesole i-ANC noMengameli Jacob Zuma ngesigameko sokudutshulwa kwelungu embuthaneni weqembu obuseMpumalanga.

USenzo Thwala oyilungu le-EFF udubuleke walimala emlenzeni ngesikhathi ezama ukuvimbela owesilisa obegqoke isikibha se-ANC ukuthi angene enkundleni yezemidlalo KaMaqhekeza ngoLwesibili ntambama.

"Umengameli Zuma usayinde isibophezelo kwa-IEC, washo esidlangalaleni ukuthi i-ANC ngeke isabise muntu. Kodwa namhlanje kukhona umuntu odotshulwe yi-ANC.

OLUNYE UDABA: Umengameli Zuma akanangqondo - Malema

“Ngizobhalela i-IEC incwadi ngiyitshele ukuthi i-ANC ayilufuni ukhetho olukhululekile nolungenakwenzelela.

“Asibasabi ngoba nathi siyakwazi ukusebenzisa izibhamu. Kepha ngeke sikwazi ukusebenzisa udlame ngenxa yokhetho, sifuna lube ngolukhululekile,” kusho uMalema.

UThwala uthe umhlaseli wakhe ubonakale ephelezela ikhansela le-ANC ekuseni izolo, kanti unqabile ukuseshwa esengena enkundleni lapho uMalema abethula khona inkulumo.

UNobhala we-ANC esifundazweni, uMandla Ndlovu, uthe uzocela umbiko ngalesi sigameko kubaholi baKhongolose eNkomazi ngoba yena ubengekho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.